Kukhunjuzwa ababamba amamashi ukuba bengawuphuli umthetho

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akhumbuza labo abenza imibhikisho, abayihlelayo nalabo ababa yingxenye yemibhikishweni ukuthi kumele benze kanjalo ngaphakathi kwemingcele yomthetho.

Amaphoyisa asebone imibhikisho eminingi eThekwini nakwezinye izingxenye zesifundazwe eqondiswe kakhulu kubantu bakwamanye amazwe. Kukhona namavideo asakazwa ezinkundleni zokuxhumana atshengisa izenzo zokuphambana nomthetho ngesikhathi semibhikisho ethile.

Nakuba kuyilungelo lomthethosisekelo ukumasha, amalungelo alabo abamashayo akumele neze aphule amalungelo alabo abangasiyo ingxenye yamamashi.

OLUNYE UDABA: IMarch and March yamukele imiphumela yophenyo lwe-SIU ngoMnyango wezaseKhaya

Akekho umuntu onelungelo lokusesha omunye umuntu amfune umazisi okanye amaphepha amgunyaza ukuba kuleli. Iziphathimandla kuphela ezigunyaziwe ukumisa, ukusesha, nokucela abantu ukuthi bakhiphe amadokhumenti abavumela ukuba sendaweni.

Amaphoyisa aphinde aphawula ukuthi izitolo eziningi, eziphethwe ngabantu baseNingizimu Afrika kanye nabantu bakwamanye amazwe, sezihlale zivaliwe kulandela izinsongo zobudlova eziphuma kubantu abathile ababeyingxenye yomkhankaso.

Amaphoyisa afisa ukukhumbuza izakhamuzi ukuthi ukwesabisa kungaba yicala lobugebengu futhi abantu kumele bakugweme ukusongela abanye. Ukuhlasela omunye umuntu, kungaba ngowasemazweni noma kuleli, kuyicala lobugebengu kanti futhi amaphoyisa angeke agoqe izandla abukele labo abephula umthetho. Amaphoyisa oMphakathi azoqhubeka nokuqapha isimo emamashini aqinisekise ukuthi umthetho uyahlonishwa futhi kunokuhleleka.

Izikhulu emaphoyiseni esifundazweni zizobamba umhlangano nabahleli bamamashi maduze ukuze bakwazi ukucaciseleka nokubanika usizo lapho kudingeka khona.

Akukho emthethweni ukuthi umu abantu bakwamanye amazwe babekuleli ngaphandle kwezincwadi ezibagunyaza ukuba sezweni kodwa amaphoyisa kuphela anegunya lokubopha abokufika abaphambana nomthetho kusalindwe izinqubo zokugodukiswa kwabo.