Amaphoyisa aseqalile ukuthungatha abasolwa ababambe inkunzi imoto yemali eThekwini

Kukholakala ukuthi imoto yemali ibihamba ku-N2 enyakatho, phezu kwebhuloho laku-M7, ngesikhathi onogada behlaselwa ngoMgqibelo.

Ophenyweni lwakamuva kuvele ukuthi umshayeli wemoto yemali umise imoto kulandela ukubona ukuthi imoto ishisa kakhulu.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa abasolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eNewlands West

Kuthe ngesikhathi esocingweni nasebenza nabo, kuvele kwaqhamuka imoto emhlophe yama eceleni kwemoto yemali kwaphuma abasolwa abebehlome ngezibhamu bahlasela onogada nomshayeli.

Okhulumela abosizo lokuqala i-ALS, uGarrith Jamieson, uthi baphuthume endaweni yesehlakalo bafica kunesiphithiphithi.

“Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo bathola imoto yemali iqhunyiswe ngeziqhumani kwathathwa nenani lemali elingaziwa.”

Kubikwa ukuthi akulimalanga muntu.