
Ubhekwe ngabomvu umdlalo womkhaya osukwini lwakusasa weBetway-Premiership phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates eFNB Stadium.
La maqembu azobhekana kulo mdlalo nje abuya endukwini emidlalweni edlule yeBetway-Premiership.
Amakhosi emdlalweni wabo wokugcina ashaywe yiMarumo Gallants ngamagoli amabili kwelilodwa kanti eZimnyama zona zisanda kushaywa yiSekhukhune United ngegoli elilodwa eqandeni.
OLUNYE UDABA:Ukubiza kwamathikithi eNedbank Cup kuphakamise imibuzo
Into ezokwenza ukuthi lo mdlalo ushube kakhulu ngasohlangothini lweKaizer Chiefs, leli qembu lifuna ukubuyisa isithunzi salo sokuthi izifake kwi-Top 8 njengoba ngesizini edlule ingakwazanga ukungena, amaphuzu amathathu azobe esho lukhulu kwezikaNabi.
I-Orlando Pirates yona isafuna ukuzibeka ethubeni lokuthatha isicoco seligi nakuba iMamelodi Sundowns kuyiyo esaqenqeleza phambili kodwa ngokwezibalo ezikaRiveiro zisangakwazi ukuguqula izinto kodwa kuyoba nzima njengoba imidlalo yeligi isizoya ngasekupheleni.
Umdlalo wakusasa ungase uchaze izinto ezahlukene ngeSoweto derby njengoba lezi zinkunzi zizophinde zihlangane kowamanqamu kumqhudelwano weNedbank Cup ngesonto elizayo langomhlaka-10 May 2025 eMoses Mabhida Stadium eThekwini.
– Andile Andizo Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
