
UMnyango wezeMpilo ukuphawule ngokukhathazeka ngezinkulumo ezisanda kuzwakala ezinkundleni zokuxhumana ezithi uyathinteka ekuxoshweni komsakazi weVuma FM.
Owezempilo ucacisa ngodaba lomsakazi:
OLUNYE UDABA: Uyagcina ukuzwakala kwiVuma FM uJacinta Ngobese-Zuma kule nyanga
1. UMnyango awunalo igunya, umthelela, noma intshisekelo ezindabeni zokuqashwa kwanoma iyiphi inhlangano yezindaba noma inkampani engaphandle kwamandla ethu.
2. Noma yiziphi iziphakamiso zokubandakanyeka kwethu ekunqanyulweni komethuli zingamanga ngokuphelele futhi azifaneleki.
3. Siyakuhlonipha ukuzimela kwazo zonke izinhlangano ezizimele, kuhlanganisa neVuma FM, ekwenzeni izinqumo zangaphakathi zabasebenzi.
Lezi zinsolo zibonakala zisabalalisa into engamampunge. UMnyango ugxile ekuqhubeki umsebenzi wawo wokuvikela impilo yomphakathi futhi ngeke uphazanyiswa izinsolo ezingenasisekelo.
Sinxusa abezindaba kanye nomphakathi ukuba bagweme ukusabalalisa inkulumo ezingesilo iqiniso uma kukhona la abafuna ukucaciseleka khona kumele baqinisekise ukuthi balandela imigudu esemthethweni.
Audio:
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)
