Uyagcina ukuzwakala kwiVuma FM uJacinta Ngobese-Zuma kule nyanga

Umsakazi ophinde abe yisishoshovu uJacinta Ngobese-Zuma ukhonjwe indlela wumsakazo iVuma FM, okuyisiteshi asesebenze kuso iminyaka eyisithupha.

Isimemezelo senziwe nguyena uJacinta ezinkundleni zokuxhumana namuhla.

Lokhu kushiye abalandeli bebambe ongezansi ukumangala bezibuza beziphendula ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Inhlangano i-March and March isola i-SAHRC ngokubeka phambili abantu bokufika

UJacinta, owasungula inhlangano iMarch in March ekuqaleni konyaka, uveze ukuthi ubushoshovu bakhe kungenzeka bumlahlekisele ngemsebenzi wakhe wasemsakazweni ake wawuchaza njengekhaya lakhe lesibili.

Le nhlangano ekhankasela ukulwa nokufika kwabantu kwamanye amazwe ngokungemthetho, ihlangabezane nenkinga eqhamuka ezindaweni ezahlukene okubalwa kuzo izikhulu zezepolitiki, izinhlangano ezizimele ezifana neHelen Suzman Foundation, kanye nezikhulu ezithile zikahulumeni.

Nakuba iVuma FM ingaphawuli ngalolu daba nokuholele ekukhombeni lo msakazi indlela, uJacinta uveze ukuthi wathola incwadi emazisa ngokuphela komsebenzi ngomhlaka-15 July 2025.

Usuku lokuzwakala emsakazweni kukaJacinta ngumhlaka-31 July 2025.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)