Kubulawe abantu abahlanu besolwa ngokuthakatha

Abantu abathathu ababoshelwe ukubulala balivuma icala, kusho amaphoyisa asenyakatho nesifundazwe saseBihar esitatimendeni.

Abantu baseNdiya bashaye babulala umndeni wamalungu amahlanu izidumbu zawo zafakwa edamini, zithuthwa ngogandaganda.

Izisulu zibulawela izinsolo zokuthakatha kulandela ukushona komfana, kusho amaphoyisa ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Owesifazane uvulele usbali wakhe icala ngezinsolo zokuthakatha

Kwababulewe kubalwa abantu besifazane abathathu okuhlanganisa nesalukazi esineminyaka engu-75 ubudala.

Umsolwa ohamba phambili ukholwa wukuthi ukushona kwendodana yakhe ngamuva nje kudalwe omunye walabo ababulewe, ebasolwa ngokuthakatha,” kusho isitatimende.

Ababulali kanye nezisulu bonke ngabasizwe saseNdiya i-Oraon e-Bihar.

Khaleejtimes

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)