Owesifazane uvulele usbali wakhe icala ngezinsolo zokuthakatha

Owesifazane waseHarare, ogama lakhe nguPrecious Kadzotsa, unikezwe incwadi yokuzivikela yiNkantolo Yomphakathi ngemuva kokusola usbali wakhe, uGibson Mangwende, ngokuziphatha okunobudlova nokumbeka izinsolo zokuthakatha ephindelela.

UKadzotsa utshele inkantolo ukuthi uMangwende ubemhlukumeza ngokumbiza ngomthakathi emsola ngokushona kwamalungu omndeni. Uthe lezi zinsolo azigcini ngokumenza umuntu omubi ziphinde zilimaze nesithunzi sakhe nengqondo yakhe.

“Ngaso sonke isikhathi ungibiza ngomthakathi owabulala izihlobo zomndeni,” kusho uKadzotsa ngesikhathi kuqhubeka icala.

Uqhube wathi uMangwende ubesabalalisa amahlebezi endaweni yangakubo, ethi usebenzisa ukuthakatha ukuletha ukuletha inhlupheko emndenini.

OLUNYE UDABA: “Ngisiza abantu abahlwempu, yingakho ngiyisigwili”

UKadzotsa ukholelwa ukuthi isenzo sikasbali wakhe siyingxenye yamaqhinga akhe okumxosha emzini wakhe womshado.

“Angisiye umthakathi, ufuna ngiphume endlini, kodwa-ke umyeni wami kuphela onelungelo lokungixosha,” kusho uKadzotsa.

UKadzotsa uphinde walandisa ngezigameko zokuhlukunyezwa ngokomzimba, ethi uMangwende, ohlale edakwe utshwala, wamshaya wakhipha nezimpahla zakhe endlini. Uthe usabela ukuphepha kwakhe, ikakhulukazi ngemuva kokuthi uMangwende engene ngenkani ekamelweni lakhe.

“Angifuni ukuthi angene ekamelweni lami lokho kuwukuhlukumeza amalungelo ami, angisiyena umkakhe,” etshela inkantolo.

Okuvele kwaxaka kakhulu yizinkulumo zakhe zokuthi uMangwende wayemsabisa ngokumbulala uma enqaba ukuhamba, nokusabisa athi kumshiya ehlalele ovalweni ngempilo yakhe.

Eziphendulela uMangwende uziphikile zonke lezi zinsolo ethi uKadzotsa nguyena odale ukungezwani emzini. Umsole ngokudelela nokuthuka amalungu omndeni wakhe nokumphoxa emphakathini.

Phezu kokuphika kwakhe, inkantolo ithole isizathu esanele sokukhipha incwadi yokuvikela, ivuna uKadzotsa. Imantshi inqume ukuthi lo myalelo ubudingeka ukuze uvikele uKadzotsa ekuhlukunyezweni nasekulinyazweni okungase kwenzeke.

Umyalelo wokuvikela uvimbela uMangwende ukuthi angazibandakanyi kunoma yiluphi uhlobo lodlame noma axhumane noKadzotsa.

Bulawayo24

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)EditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *