
Uthishanhloko waseBergview College, obesolwa ngokudlwengula uCwecwe, 7, useyazilwela.
UJaco Pieterse uthi leli cala libhekise phansi impilo yakhe.
Njengamanje uPieterse usevulele umholi we-EFF, uJulius Malema, uNobhala Jikelele we-ANC, uFikile Mbalula, noNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uFundile Gade icala lokumthuka.
OLUNYE UDABA: Ngenxa yokuntula bokufakazi i-NPA ihoxise icala likaCwecwe
“Ngikhululeke kakhulu ngokuvela kweqiniso kodwa futhi ngizimisele ngokuqinisekisa ukuthi abantu ngeke bakhulume izinkulumo ezingamampunge neziwubudedengu ezinkundleni zokuxhumana noma kwabezindaba,” kusho uPieterse.
Udaba lukaPieterse selusingethwe ngabe-AfriForum. Inhlangano yomphakathi yethemba ukuthi leli cala lizothumela isexwayiso esicacile ngezinsolo eziwubudedengu ezenzeka esidlangalaleni.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
