
Icala labantu abangu-62 abasolwa ngokuphehla udlame ngoJuly 2021 KwaZulu-Natal naseGauteng liyaqala namuhla, kanti kulindeleke ukuthi uMbuso ugxile kubufakazi obuvela kuma-group enkundla yezokuxhumana i-WhatsApp.
Elinye lamacala amakhulu obugebengu ezweni ahlobene nezibhelu zangoJuly 2021 lizoqala eNkantolo Ephakeme yaseThekwini ngoMsombuluko.
UMbuso uzimisele ukuqala ukwethula icala lawo ngokumelene nabagqugquzeli bezibhelu abangu-62 abasolwa ngokususa udlame. Leli cala eselilindelwe isikhathi eside ukuba liqale nelibhekene namaqembu asolwa ngokuphehla udlame liyaqala ngemuva kweminyaka emihlanu izingxenye zesifundazwe i-KZN ne-Gauteng zahlaselwa yizigameko zobudlova, ukushisa kanye nokuphanga.
OLUNYE UDABA: Lizoqala ukuqulwa ngoJuly elabasolwa ngezibhelu zangoJuly 2021
Kwadlula emhlabeni abantu abangaphezu kwabangu-350, kwakhinyabekeza amabhizinisi ayizinkulungwane, kwasala umonakalo wezigidigidi zamarandi.
Empeleni kwaboshwa abantu abangu-65 baboshwa ngonyaka olandela owezibhelu kodwa abathathu babasolwa sebashona.
Abashushisi bathi ubudlova bahlelwa ngama-group amaningi ka-WhatsApp, okuhlanganisa nelinye elibizwa ngokuthi i-#FreeZumaCoordinators. Ngaphambilini kwezwakala enkantolo ukuthi la maqembu asetshenziswa ukusabalalisa imininingwane nokukhipha imiyalelo kulabo abasemgwaqweni.
Emasontweni ayisishiyagalombili azayo, ubufakazi bopbuchwepheshe boMbuso kulindeleke ukuthi buhambe phambili ecaleni.
Kulindelek ukuthi abashushisi balethe ochwepheshe bezobunhloli bedijithali ukuze bethule imiyalezo, ama-video kanye neziqeshana ezaqoshwa ezivela emaqenjini amathathu e-WhatsApp, okusolwa ukuthi asetshenziswa ukusiza ukuhlanganisa uthuthuva.
Akucaci ukuthi icala lizoqhubeka yini, njengoba abanye abasolwa sebeshintshe abameli ngokuphindaphindiwe esikhathini esidlule kanti abanye babedinga usizo lwezomthetho.
Abasolwa babhekene namacala amaningi anzima ahlanganisa uzungu lokwenza udlame lomphakathi, ukubulala kanye nobuphekula.
