“Sinyuke kancane isibalo sabafulathela iNingizimu Afrika”

I-Border Management Authority (BMA) ithi kube nokwanda okuncane kwesibalo sabantu abahambayo eNingizimu Afrika bephuma ngomngcele i-Beitbridge Border Post eMusina, eLimpopo, ngesikhathi sasebusika.

UKhomishana we-BMA uDkt. Mike Masiapato uthi ukuqhathaniswa kwezibalo zikaMay noJune nesikhathi esifanayo eminyakeni edlule, akubonisanga mehluko omkhulu naphezu kwemikhankaso yokuxoshwa nokubuyiselwa kwabantu emazweni abo.

OLUNYE UDABA: Owezempilo uyaphenya ngowaseMalawi oshonele ebhasini

Sekucutshungulwe kwagodukiswa abantu bokufika abangaphezu kuka-45 000 abangenazo izincwadi selokhu uMengameli uCyril Ramaphosa amemezela lesi sinyathelo.

UMasiapato ugcizelela ukuthi uhlelo lwamanje lokubuyisela abantu emazweni abo aluzange luthinte kakhulu imingcele yonke.

“Empeleni ungasho ukuthi awukho umehluko uma uqhathanisa ngokwezinyanga. Siphinde saqhathanisa ngesikhathi senyanga kaMay wonyaka odlule kanye nowakulo, senze okufanayo ngoJune sathola ukuthi izibalo zicishe zifane. Ukuthi kulokhu, ngenxa yokudingiswa nokubuyiselwa kwabantu emazweni abo okuqhubekayo, izibalo zibukeka sengathi zihlanganisiwe cishe ngesikhathi esithile. Kodwa uma ubheka inyanga yonke ngempumelelo, izibalo zinjengoba besijwayele ukuzicubungula ngisho nangokweminyaka edlule.”

SABC