Kulimale onogada kubanjwa inkunzi imoto yemali

Kuphoqeleke ukuba kuvalwe umgwaqo omkhulu u-N2 kulandela ukubanjwa inkunzi imoto yemali ngemuba kwezithuba zabo-05:30 namuhla ekuseni.

Kubikwa ukuthi oshayasibhamu bavulele ngenganono bebhekise konogada ku-N2 South Bound eduze nefemu yasimende i-NPC Cement Factory eningizimu yeTheku.

OLUNYE UDABA: Kulimale inqwaba yabantu kubanjwa inkunzi imoto yemali ePinetown

Abosizo lokuqala babika ukuthi kulimale onogada ababili kanti omunye wabo uphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlane yakwa-Netcare 911 esibhedlela esiseduze eyothola ukwelashwa okuphuthumayo omunye unogada naye othole ukulimala uxilongwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela eyothola ukwelashwa okungeziwe.

U-N2 ovalwe kusukela ku-M7 Edwin swales offramp uzovalwa isikhathi eside ukuze kuqhutshekwe nophenyo.

Njengamanje okuholele kulesi sigameko akukaziwa kodwa amaphoyisa ophiko lwe-SAPS akhona endaweni yesigameko futhi ayaphenya.