Utalajwe yiqulu labantu owesifazane ‘obulale umama nendodana’ esigamekweni sokuphanga

Ugadwe ngamaphoyisa esibhedlela owesifazane waseMpumalanga osolwa ngokubulala umama nendodana yakhe ngesikhathi bengenelwe yizigebengu ngemuva kokuba eshaywe wumphakathi kulandela ukuhlaselwa komndeni.

Lo wesifazane, oneminyaka engu-19 ubudala, kusolwa ukuthi wadubula walimaza ingane ngesikhathi sesigameko.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga, uLt Colonel Jabu Ndubane, uthe amaphoyisa athole umbiko mayelana nesigameko sokuphanga lapho kudutshulwe inqwaba yamalungu omndeni.

“Ngesikhathi befika esibhedlela abasebenzi bezempilo bakhombe amaphoyisa kwiziguli ezintathu ebezinamanxeba okudutshulwa. Ngeshwa owesifazane oneminyaka engu-43 ubudala nendodana yakhe eneminyaka engu-24 ubudala bashona ngenxa yokulimala kanzima ngemuva kokufika kwamaphoyisa. Isisulu sesithathu nendodakazi encane, sisesibhedlela sithola ukwelashwa.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kushayelwe ihlombe umphakathi ngokubika ngomshayeli obanjwe eba udizili eThekwini

“Ngemuva kwesigameko kuthiwa amalungu omphakathi azame ukuzibambela umthetho ezandleni ngokuhlasela umsolwa nokusolakala ukuthi ubuzama ukumokhela ngomlilo. Ngenhlanhla amaphoyisa afika kusenesikhathi alamulela umsolwa. Njengamanje umsolwa usesibhedlela uqashwe ngamaphoyisa kanti ubhekene necala lokubulala, elokuzama ukubulala nokugqekeza.”

Ngokusho kukaNdubame, akukaboshwa muntu mayelana nequlu labantu elihlasele umsolwa kodwa uphenyo lusaqhubeka.

Uthe ongaba nolwazi olungasiza ophenyweni uyacelwa ukuba athinte uCaptain Vusi Maphanga ku-082 303 9704, noma ashayele inombolo ye-crime stop: 08600 10111.

“Ulwazi lungabuye lwabiwe ngokungaziwa kusetshenziswa i-MYSAPS App. Yonke imininingwane izophathwa ngendlela eyimfihlo,” esho.

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni u-Maj-Gen Zeph Mkhwanazi uthe ukhathazekile ngokwanda kwezigameko zobugebengu ezibikwe kulesi sifundazwe kulezi zinsuku ezimbili ezedlule.

SowetanLive