Abahlali basemjondolo eThekwini bafuna izindlu ezisengeni

Inhlangano yabahlali basemjondolo, i-Abahlali baseMjondolo, ithi inethemba lokuthi uhulumeni uzophendula izimfuno zabo kulandela izingxoxo zakamuva.

Leli qembu licela umhlaba, izindlu ezisezingeni elifanelekile, kuphinde kuqedwe ukuxoshwa kwabantu ngenkani.

NgoMgqibelo Abahlali bahlangane noMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu nowezokuBusa ngokuBambisana kuzwelonke nowesifundazwe eThekwini.

OLUNYE UDABA: Abahlali bathi kudingeka uhlelo lwezinhlekelele emjondolo eThekwini

“Sizohlala phansi silinde ukuthi beze kithina, sihambele izindaba zokuthuthwa kwemfucuza, ukuthuthwa kwendle kanye nokusisiza ukuthi kuyekwe ukuxoshwa kwabantu ezindlini,” kusho uZanele Ngobese wale nhlangano.

“Kodwa konke kuhambe kahle. Ngakho-ke, sizolinda sibone.”

UNgqongqoshe weCogta KwaZulu-Natal, uThulasizwe Buthelezi, uthe kubalulekile ukuthi abahlali basemjondolo bafakwe ezinhlelweni zikahulumeni zokuthuthukisa impilo yabantu.

“Sixoxile ngokuthi singasebenzisana kanjani nenhlangano i-Abahlali baseMjondolo ukuxazulula izinkinga ababhekene nazo,” kusho uButhelezi.

“Izingqinamba ezibhekene nabantu abasezindaweni ezingathuthukile kufanele babe seqhulwini ezinhlelweni zikahulumeni, futhi kumele babe yingxenye yezingxoxo ezithinta izinhlelo zempilo engcono.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)