
Ngaphambi KoMgubho Wosuku Lwentsha Amaphoyisa Omgwaqo aseGauteng anxuse abashayeli ukuthi baziphathe kahle.
Isikhulumi, uSello Marremane, uthe kulindeleke ukuthi kunyuke umthamo wezimoto njengoba intsha isiqala imigubho kaJune 16, isilibangise ezindaweni ezahlukene.
OLUNYE UDABA: Umengameli ufisela abakuleli iphasika elihle neliphephile
UMaremane uthi izibalo zikhomba ukuthi ngabantu abasha abanesibalo esiphezulu sabantu abashona ezingozini zomgwaqo minyaka yonke. Ngakho-ke, ukushayela ngaphansi kwengcindezi yotshwala nokuhamba ngesivinini esiphezulu angeke kubekezelelwe.
“Kubalulekile ukuthi intsha yazi ukuthi izinkampani eziningi azibaqashi abantu abanamarekhodi obugebengu adalwa wukungaziphathi kahle, njengokuphuza udle amanzi amponjwana noma ukushayela ngesivinini esiphezulu. Yingakho-ke intsha yethu inxuswa ukuthi ibazi ubucayi bokuhambisana nomthetho. Siqinise umthetho ngaphambi kwale migubho ukuze siqinisekise ukuthi wonke umuntu uphephile.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
