Kuqhubeka imashi yokweseka uMkhwanazi eThekwini namuhla

Abahleli bemashi yanamuhla yokweseka uKhomishana wamaPhoyisa e-KZN uNhlanhla Mkhwanazi bathi balindele amakhulu abantu abazoba yingxenye yale mashi.

Abamashayo bazosuka eCurries Fountain ngezithuba zabo-9 baye epaki eseduze nesiteshi samaphoyisa esimaphakathi neTheku.

Kuchungechungeni lwezinsolo ezishaqisayo, uMkhwanazi usola ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa ube nesandla emizamweni yokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ngokuhlakaza ithimba elijutshwe ukusebenza ngokubulawa kwabezepolitiki eKZN, ngemuva kokuvundulula ubugebengu.

Uphinde wathi uSenzo Mchunu usebenzisane nosomabhizinisi nokuyinto ungqongqoshe ayiphikile.

UMengameli Cyril Ramaphosa usefake uMchunu ekhefini eliyisipesheli, wasungula ikhomishana yophenyo.

OLUNYE UDABA: MkhwanaziMarch: I-MK Party ibambe imashi yokweseka uMkhwanazi eGauteng

Umgqugquzeli weMashi uVincent Mdunge uthi bafuna kuthathwe izinyathelo eziqinile zokulwa nenkohlakalo.

“Siyazi ukuthi bekuwukwesaba into engaziwa ngoba uyakwazi ukufunda phakathi kwemigqa ukuthi umphakathi umdinelwe.

“Sifuna nje kulungiswe kabusha lonke uhlelo lweqoqo lezobulungiswa ngokusekelwe ezinsolweni.

“Akazange asho lutho mayelana nokuhlakazwa kwethimba lokubulala lezombusazwe. Ngakho-ke, sifuna kulungiswe kabusha lonke uhlelo lweqoqo lezobulungiswa.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)