Bacela ‘ukubolekwa’ uMkhwanazi asebekhathele ubugebengu elokishini eliseKapa

Izakhamuzi zaseSamora Machel zifuna usizo oluphuthumayo kwabomthetho.

Lezi zakhamuzi zimema iphoyisa eliphezulu eKZN uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi ukuba avakashele endaweni.

ZIkholelwa wukuthi indlela yakhe yokuqeda ngobugebengu ingasiza ekubuyiseleni ukuthula endaweni yabo egcwele ubugebengu.

Okhulumela iCommunity Policing Forum (CPF) uXolani Joja uthe izigebengu ziyacanasi futhi azisabi lutho.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uzokhipha izibalo zobugebengu zekota

“Sicela ukhomishana wamaphoyisa kazwelonke ukuba avumele ukhomishana wamaphoyisa aKwaZulu-Natal, uGeneral Mkhwanazi ukuba afike endaweni yethu, ahlale izinyanga ezimbili ukuze sizobona ukuthi kuzokwenzakalani.

 “Simdinga izinyanga ezimbili nje kuphela,” kusho uJoja.

Uphinde wanxusa iDolobha laseKapa ukuba lithumele abasebenzi bomthetho abaqeqeshwayo endaweni yaseSamora Machel bezoqhuba ukuqeqeshwa kwabo, ethi ukunyuka kwezinga lokubonakala kwabomthetho kuzokwehlisa ubugebengu.

Ephetha uthe bazokweseka noma ngubani ozofika endaweni azosiza ukulwisana nobugebengu.

UMkhwanazi usezakhele udumo ngokuma kwakhe ngokuqinile ezenzweni zobugebengu, ikakhulukazi ngokulwa nezigebengu ezihlasela amaphoyisa.

Iakhamuzi zithe ziyakufisa ubuholi bakhe futhi bakholwa wukuthi ukuba khona kwakhe kungenza umehluko obonakalayo.

Abantu baseSamora Machel bathe bavuleleke kunoma yiluphi usizo kunoma ngubani ozimisele ngokuthatha izinyathelo eziphusile enkingeni yomphakathi.

Daily Sun

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)