Isithangami nabezindaba sikaFloyd Shivambu ngoLwesine ‘akusiso eseMK’

Isithangami sabezindaba esihlelelwe uLwesine obenguNobhala-Jikelele woMkhonto weSizwe (MK) uFloyd Shivambu asikagunyazwa yiqembu.

Lawa ngamazwi okugcina aphuma kokhulumela iqembu Nhlamulo Ndhlela.

“Besingakaziswa ngalesi sithangami esisebenzisa imibala ye-MK noma isimemezelo sikaFloyd sokubamba lesi sithangami. Asikagunyazwa yiqembu futhi njengokhulumela iqembu ngokusemthethweni angizange ngaziswe ngalokhu.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe umoya ngenkulumo kaFloyd Shivambu obize isithangambi sabezindaba

“Kuzomele silinde sibone ukuthi isithangami simayelana nani ngaphambi kokuthi siqhubeke,” kusho uNdhlela etshela abe-IOL.

Kunezinkomba eziqinile zokuthi uShivambu kulindeleke ukuthi amemezele ukwesula kwakhe eqenjini i-MK kulesi sithangami – yingakho ezibambele yena mathupha futhi ubengakayibikeli i-MK, asayilungu leqembu elijwayelekile.

Ebuzwa ukuthi ngabe ngempela uhlela ukumemezela ukwesula kwakhe eqenjini, okunguye okhulumela lesi sithangami, uNolubabalo Mcinga uphendule kafushane wathi: “Angizukuyikhipha leyo mininingwane, nina kuzomele nihambele isithangami niyozwa khona ukuthi uFloyd ufuna ukukhuluma ngani.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)