Kulindeleke ukuba avele enkantolo osolwa ngokuthengisa izidakamizwa ePhoenix

Amalungu amaphoyisa ophiko loKlebe eSerious Organised Crime Investigation esebenzisana neCrime Intelligence, Durban Metro Police, Infrastructure Task Team kanye neDurban Public Order Police abophe umsolwa oneminyaka engu-50 ubudala ngokudayisa izidakamizwa kuCanehaven Drive ePhoenix, eningizimu yeTheku izolo.

Amaphoyisa ancinzwa indlebe mayelana nemisebenzi eqhubekayo yokudayisa izidakamizwa ebiyenzeka ku-Canehaven Drive.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba avele enkantolo obenelebhu yezidakamizwa

Kwabe sekuhlelwa ukuba le ndawo ibhekisiswe, kwalandelayo yonke imikhondo. Izinsolo zaqinisekiswa, amalungu atheleka endaweni okuhlala kuyo umsolwa abe eseyisesha indawo.

Ngesikhathi amaphoyisa esesha athole izingcezu ze-crack cocaine, amaphilisi e-mandrax, amasaka evodka entengo yasemgwaqeni elinganiselwa ku-R20 260.00.

Amaphoyisa aphinde athola isibhamu nezinhlamvu ezinhlanu.

Umsolwa uboshiwe wathweswa icala ngokufanele.

Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam namuhla, kusho isitatimende samaphoyisa.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)