Umphakathi waseMaoti ugcwele ngaphandle kwasenkantolo okuvela kuyo abe-‘west’

Umphakathi waseMaoti uphume ngobuningi ukuzozwakalisa imibono yawo njengoba abasolwa abane abayingozi bevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma namuhla.

Amalungu eqembu lemigulukudu aboshwe ngempelasonto wuphiko lwamaphoyisa i-SAPS eNanda Task Team ayamaniswa namacala okubulala, ukugebenga kuhlonyiwe nobunye ubugebengu obuningi.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izigelekeqe ezine zaseMaoti ngamacala angaphezu kwangu-20 okubulala

Basolwa ukuthi yibo ababulalal amalungu e-CPF abalelwa ku-20 kanye nabanye abantu ababalelwa eshumini esikhathini esingaphansi konyaka.

Abaseshi basabayamanisa namanye amacala kanti banxusa noma ngubani ongalubikanga udaba ukuba alubike.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEditEdit