
Icala lokubulawa kowayengukaputeni weBafana Bafana uSenzo Meyiwa lihlehliselwe uMsombuluko, ukuze umbuso ukwazi ukuthola yonke imininingwane yokulandela izimoto ezazisetshenziswa amaphoyisa ngesikhathi kuboshwa abasolwa.
Amadoda amahlanu abhekene necala lokubulala uMeyiwa ngo-2014 eNkantolo eNkulu ePitoli.
Imininingwane yokulandelela imoto eceliwe iphathelene nezimoto ezithintekayo ngesikhathi kuboshwa abasolwa – owokuqala nowesibili.
OLUNYE UDABA: Libuyela enkantolo elokubulala uSenzo Meyiwa
Bobabili abasolwa bathi bayiswe ezindaweni ezahlukene bashaywa kulandela ukuboshwa kwabo.
Umshushisi Wombuso u-Adv. UGeorge Baloyi uthi basaphezu kwezinhlelo zokuqoqa lolo lwazi.
UBaloyi uthi, “Inhloso yokuhlala kwenkantolo yanamuhla bekuwukuhlola ukuthi singakanani isikhathi esidingekayo ukuze kuqoqwe lolo lwazi. Ngokokulinganisa kwethu nangokuhambisana nokushiwo nguBrigadier Bongani Gininda, sicabanga ukuthi uma mhlawumbe lolu daba luluhlehlisela uMsombuluko, lokho kuzosinika isikhathi esanele sokuqoqa imininingwane eceliwe.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

**backbiome**
Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.