Intengo yenyama ebomvu ingase yehle, kwenyuke eyenkukhu

Abantu baseNingizimu Afrika babhekene nenkinga yokwenyuka kwentengo yenyama yenkukhu kulandela ukumisa kukahulumeni ukuthengwa kwezinkukhu ezivela eBrazil.

Lesi sinyathelo simayelana nokuqubuka komkhuhlane wezinyoni ezweni laseNingizimu yeMelika.

Isazi somnotho wezolimo uWandile Sihlobo sithi ukumiswa kwalolu hlelo akumele kuthathwe njengempi yohwebo, kodwa njengesinyathelo esidingekayo ukuze kuvikelwe abathengi bakuleli kanye nemboni yezinkukhu.

Kodwa akuzona zonke izindaba ezimbi kubantu abadla inyama abafuna eminye imithombo yama-protein.

OLUNYE UDABA: Ayehla amanani kaphethiloli kuleli sonto

Ngemuva kokuba izwe laseChina limise ukuthengwa kwenyama ebomvu evela eNingizimu Afrika, ngenxa yokuqubuka kwesifo samatele ezifundazweni ezimbalwa okubalwa kuzo iMpumalanga, iGauteng neKwaZulu-Natal.

USihlobo uthi intengo yenkomo ingase yehle kuleli.

Imikhiqizo yezinkukhu yaseNingizimu Afrika iyazethemba ukuthi izovala isikhala esidalwe ukumiswa kweBrazil.

Iminyango yezoLimo ithi iNingizimu Afrika, izoqhubeka nokungenisa impahla equkethe imikhiqizo epakishwe ngaphambi noma ngomhlaka-30 April 2025, kanye nemikhiqizo yenkukhu eheat-processed, lapho ubungozi bokudlulisela leli gciwane buncishisiwe.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit