UMkhwanazi uyaqhubeka nokwethula ubufakazi namuhla

Kulindeleke ukuba aqhubeke nokwethula obunye ubufakazi okwengeziwe uKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi osukwini lwesibili lweKhomishana kaMadlanga.

UMkhwanazi ngoLwesithathu uxwayise ngokuwa kohlelo lwezobulungiswa, wathi kukhona okumele kwenziwe, ngokushesha.

OLUNYE UDABA: Madlanga Commission – Izohlinzeka ofakazi ngezokuphepha

Uthe ukugxambukela ekusebenzeni kwePolitical Killings Task Team kubambezele ubulungiswa emindenini ethintekile.

UMkhwanazi uthi ukubone kuyinqaba ukuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu afune ukuhlakaza lolu phiko yize luphumelele eKZN, Eastern Cape naseGauteng.

Khonamanjalo, namuhla kuzolalelwa isicelo seMK eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho ifuna ukuthi kuchithwe ikhomishini. 

Okhulumela iMK eGauteng, u-Abel Tau, uthe bekungafanele ikhomishini iqale ukulalela ofakazi ekubeni singakaphumi isinqumo esicelweni sabo esiphonsela inselelo ukusungulwa kwekhomashana.