Ubuyela enkantolo uJacob Zuma

Lowo owayengumengameli kuleli uJacob Zuma uzokwazi namuhla ukuthi uzonikezwa yini elinye ithuba lokuzama ukususa umshushisi ophambili ecaleni lakhe lenkohlakalo.

UZuma nenkampani yezikhali yaseFrance iThales babhekene namacala okukhwabanisa nenkohlakalo, wonke ahlobene nesivumelwano sezikhali sezigidigidi zamarandi kusukela ngeminyaka yango-1990.

Amacala amabili azovela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu namuhla.

UZuma wacela inkantolo imvume yokudlulisa isinqumo seJaji uNkosinathi Chili ngonyaka odlule.

OLUNYE UDABA: UDuduzile Zuma-Sambudla uzovela enkantolo ngezinxushunxushu zango-2021

UChili wasichitha isicelo esisha saZuma sokuthi umshushisi ophambili ecaleni lakhe, u-Advocate Billy Downer ahoxiswe.

UZuma wa phambi kwamajaji amabili wathi ukuba no-Downer kuleli cala kuzombandlulula kodwa wehlulekile kuyo yonke imizamo yokumsusa.

Khonamanjalo iThales iphinde yafaka isicelo sokuba icele ukuthi amacala abekwe wona ahoxiswe.

Umkhiqizi wezikhali waseFrance uthe ukushona kofakazi ababili ababalulekile kuzothinta ukulunga kwecala.

UZuma usesekile lesi sinyathelo.

Udaba luzoqulwa namuhla.

Lezi zicelo zibambezele ukuqala kwecala okudala lalindwa obekumele liqale ngo-April 2025.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *