
Namuhla ekuseni iKhomishana kaMadlanga ibigxile kwimibuzo emayelana nokuthi kwenzekeni ngethimba elibhekene nokubulalana kwezepolitiki KwaZulu-Natal, phecelezi iKZN Political Killings Task Team kulandela imizamo yokulihlakaza.
ULT General Nhlanhla Mkhwanazi, uqhubekile nobufakazi bakhe ophenyweni olusePitoli ngosuku lwesibili lwezigcawu zokulalelwa kwekhomishini.
Kokunye akusho kwisithangami sabezindaba ngoJuly, uMkhwanazi wathi uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, ufuna ukuhlakaza ithimba, kulandela izinsolo zokuthi lolu phiko lwasiza abaseshi baseGauteng ukuvundulula abantu abangena ohlelweni lwezobulungiswa.
OLUNYE UDABA: UMkhwanazi uyaqhubeka nokwethula ubufakazi namuhla
NgoLwesithathu, uMkhwanazi uthe akuzange kukhulunywe naye ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo.
Uthi wazama kaningi ukuxhumana nongqongqoshe, kodwa imihlangano ayizange ibe khona.
Wacelwa ukuba achaze ukuthi kwenzekani ngethimba elijutshiwe ngemuva kokuthola umyalelo wokuthi lihlakazwe.
“Ukuthi lo myalelo anginikezwanga ngokusemthethweni,” kusho uMkhwanazi etshela ikhomishana.
“Ngabe yathnyelwa kuKhomishana kazwelonke, uKhomishana kazwelonke akazange angithinte ngalutho. Kodwa engikwaziyo ukuthi ithimba laqhubekile nokusebenza, alizange lime, kodwa isibalo samalungu abejutshwe eqenjini sancipha.
“Manje, mhlawumbe isizathu sokwehliswa kwesibalo sabasebenzi abajutshiwe kungenzeka ukuthi sasithonywe isabelo-mali. Maningi amaphoyisa ahoxile abuyela eziteshini zawo, amanye asala.”
