Bangaphezu kuka-50 abafundi abangeniswe esibhedlela ngokudla ‘u-ice block o-expayile’

Kuphuthunyiswe esibhedlela i-Escourt Provincial School izingane zesikole ezingaphezu kwezingu-50 zaseBambe Primary School kulandela ukudla u-ice block osolwa ngokuthi usuphelelwe yisikhathi ngoLwesibili.

Abafundi kukholakala ukuthi bathenge u-ice blockkomunye wabathengisi wesikole ngesikhathi sekhefu.

Kubikwa ukuthi othisha babone abafundi belokhu bekhala ngezisu ngemuva kokubuyela emakilasini.

Abafundi baqale baphuthunyiswa emtholampilo waseNtabamhlophe ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela sase-Estcourt Provincial ukuze bathole ukwelashwa.

OLUNYE UDABA: Kuvele ukuthi awohlobo lwama-Stylos amachips agulise ingane

Umthengisi odayise ukudla okuthiwa sekuphelelwe yisikhathi uthathwe ngamaphoyisa wayophonswa ngemibuzo, imikhiqizo yona yayiswa kohlolwa.

IMeya yeNkosi uLangalibalele, uMduduzi Myeza, inikeze izingane, abazali nothisha abathintekayo ukudla ngesikhathi besalinde imiphumela yesibhedlela.

“Ngithumele uSomlomo womkhandlu, uKhansela SW Khumalo, kanye neKhansela leWadi uMT Mvelase ukuthi bazoqapha isimo futhi baseke othisha, abazali nezingane ngalesi sikhathi.

TheWitness