Umndeni ka-Alutha Mazwi uthi udunguza ebumnyameni ngokushona kwakhe

Umndeni kadokotela waseThekwini obefundela umsebenzi owashona ngemuva kwezinsolo zokuphoqwa ukuthi asebenze egula, uthi usale ebumnyameni ngophenyo ngokushona kwakhe.

Lokhu kuza ngemuva kokuba abaphathi besibhedlela iPrince Mshiyeni bethole ubufakazi obanele obumatanisa udokotela omkhulu ngokushona kuka-Alulutho Mazwi ngoMeyi.

Kuthiwa uDkt Mazwi wacelwa ukuthi aqhubeke nokusebenza yize ayetshele umphathi wakhe ukuthi akaphathekile kahle.

OLUNYE UDABA: Ufuna ubulungiswa umndeni kadokotela wasesibhedlela esiseMlazi

Umalume wakhe, uVumani Mazwi, uthi umndeni uthole ngophenyo lwesibhedlela nomphumela walo ngemibiko yabezindaba.

“Bengicabanga ukuthi sizokwaziswa, nakuba singekho kahle ngalokho, asikhululekile ngendlela okusingathwe ngayo lolu daba. Besicabanga ukuthi sizokwaziswa kodwa manje ukuthi sikubone ezinkundleni zokuxhumana, akubukeki kahle. Siwumndeni asikaze selulekwe ngokusemthethweni.

“Njengomndeni, asikaze saziswe ngisho nangenkonzo yesikhumbuzo ebisesibhedlela iPrince Mshiyeni noma uMnyango wezeMpilo waseKZN.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit