
Ungqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uthi uzokwethula umzamo wesithathu wesabelomali sika-2025 ngomhlaka-21 May kulandela izinyanga kuphikiswana ngesiphakamiso sakhe sokunyusa i-VAT.
UNgqongqoshe ekhuluma nezintatheli ePitoli ngoLwesithathu ntambama, uthe uthumele isicelo esisemthethweni kuSomlomo wePhalamende uThoko Didiza ukuba avumele isabelomali sethulwe maphakathi nenyanga kaMay.
OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana uhoxise ukunyuswa kwe-VAT
“Umnyango usalokhu uzibophezele ngokuxhumana okusobala kulo lonke lolu hlelo futhi uzohlinzeka ngezibuyekezo ezengeziwe uma sezitholakala. Izakhamizi zakuleli ezisebenza ngokuzikhandla ziyadinga ukuhlale zaziswa mayelana nendlela imali yentela esetshenziswa ngayo. Isabelomali esizokwethulwa ngomhlaka-21 May sizobe sihlose ukugcina imigomo,” esho.
UGodongwana usezame kabili ukwethula isabelomali sika-2025. NgoFebruary wayehlele ukuphakamisa ukukhuphuka kwe-VAT kabili ngo-2025 nango-2026, kodwa kwaba nezinselela ezaphoqa ukuba ukukhishwa kwesabelomali sibambezeleke saze sabuya ngoMarch, nakhona kwanezinqginamba esethe iVAT izokhuphuka njengoba esezophinda okwesithathu ngoMay.
Ngesikhathi kuqhubeka isithangami, uGodongwana kuqhamuke umbuzo othi ngabe uzosula yini esikhundleni noma ulindele ukuthi uMengameli Cyril Ramaphosa amsuse esikhundleni kulandela izinxushunxushu ezithinta isabelo-mali.
“Leso sinqumo asilele kimi, silele kumengameli kodwa ngokuqaphela, umengameli ube yingxenye yohlelo. Angicabangi ukuthi lowo ngumbuzo ongabhekiswa kimi,” usho kanje ephendula.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
