Mchunu: Lusaqhubeka uphenyo ngokushona kwamaphoyisa amathathu aseF State

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uthe abaseshi basazama ukuthola ukuthi yini eholele ekudluleli emhlabeni kwamaphoyisa amathathu asemancane.

“Sekube nenqwaba yemibono eyenziwe ngabanye ezindlini zabezindaba mayelana nokuthi ngabe kwenzekeni, kodwa sinxusa wonke umuntu ukuthi agxile emaqinisweni.”

OLUNYE UDABA:Kuyaqhubeka ukuthungathwa kwemoto ebihamba amaphoyisa aseF State

ULinda Cebekhulu, uBoipelo Senoge noKeamogetswe Buys bebesuka eFree State beya eLimpopo lapho bebeyosebenzela khona ngesikhathi beduka ngesonto eledlule.

NgoLwesibili, uphenyo luholele abaseshi eCenturion, lapho izidumbu zabo zitholwe khona emfuleni iHennops.

Isidumbu sesine esitholakele sesiqinisekiswe njengomunye wabasebenzi besiteshi samaphoyisa saseLyttelton, kanti izikhulu zisahlonza isidumbu sesihlanu.

Imoto yohlobo lwe-VW Polo abehamba ngayo amaphoyisa ayikatholakali.

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *