
I-ActionSA kuMasipala waseThekwini isidlulise amazwi enduduzo kulandela ukuzwa ngokudlula emhlabeni kwekhansela lika-Ward 17, uSibusiso “Khekhe” Khwela.
Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wekhansela uKhwela, yizihlobo nozakwabo bakaKhongolose (African National Congress), kanye nezakhamuzi zakwa-ward 17 kanye nomphakathi wonke waseThekwini kulesi sikhathi esinzima kakhulu.
OLUNYE UDABA: ‘Liyinsika’ yomphakathi ikhansela le-ANC elibulewe
Kungakhathaliseki ukuthi ungumuntu omele umphakathi, akekho umholi okufanele alahlekelwe yimpilo yakhe ebe esebenzela umphakathi wakhe. Ubudlova abunandawo kuhulumeni wethu wentando yeningi, futhi ukuhlaselwa kwabaholi bemiphakathi kwehlisa ukuphepha kwalabo abasebenzela imiphakathi.
I-ActionSA ithi inxusa amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) ukuthi aluphenyisise lolu daba, aqinisekise ukuthi labo abanecala baboshwa ngokushesha, bashushiswe, futhi balethwe enkantolo. Abantu baseThekwini badinga izimpendulo, futhi umndeni ufanelwe ubulungiswa.
