
Abashayeli bezimoto abebehamba ku-N2 obheke eningizimu odlula eTongaat Toll Plaza KwaZulu-Natal baxhumane nabakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) kulandela ukubona iloli livutha namuhla ekuseni.
Abakwa-RUSA bajube ithimba labo ngokushesha endaweni yesigameko ngezithuba zabo-06:39.
OLUNYE UDABA: Sekulimale abantu abane kuginqika iloli lamanzi eNdwedwe
Kutholakale ukuthi leli loli belisendleleni ebheke eRichards Bay – KZN ngesikhathi umshayeli ehlangabezana nezinkinga.
Kuthunyelwe umakhenikha ukuba ayosiza. Ngesikhathi iloli lijika eTongaat Toll Plaza libheke eningizimu, lagqamuka ilangabi.
Umlilo ucishwe aboMnyango wezeziMlilo eThekwini ngaphambi kokufika kwabeRUSA.
RUSA
