‘Liyinsika’ yomphakathi ikhansela le-ANC elibulewe

Ukubulawa kwamakhansela KwaZulu-Natal sekuphinde kwagqama.

Lokhu kuza ngemuva kokubulawa kwekhansela le-ANC uPhendukani Mabhida, owayesebenza kuMasipala weNdawo yaseMandeni.

UMabhida nodadewabo, oseqala ukululama esibhedlela, bahlaselwe ekhaya labo eliseNyoni ngabantu ababili ekuqaleni kwaleli sonto.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kowabulala ikhansela

Kuboshwe izinkabi ezimbili ngokubandakanyeka kuleli cala.

Lezi zinkabi zivele namuhla enkantolo kanti zigqunywe esitokisini.

Babhekene namacala okwakha uzungu lokubulala, ukubulala kanye nokuzama ukubulala.

eNCA