Injabulo kubashayeli kwehla uphethiloli

UMnyango wezeziMbiwa kanye neziNsizakusebenza zikaphethiloli ushicilele ukwehliswa ngokusemthethweni kwentengo kaphethiloli okuzoqala ukusebenza kusukela kusasa, ngoLwesithathu, lwangomhlaka-1 July 2026.

Abashayeli bezimoto bazothola ukuphumula njengoba kumenyezelwe ukuthi intengo kaphethiloli i-93 octane izokwehla ngo-R2.01 kanti i-95 octane izokwehla ngo-R1.96.

OLUNYE UDABA: Kuzonyuka kancane uphethiloli, kwehle udizili ngo-October

Izindleko zikadizili zizokwehla phakathi kuka-R3.13 no-R3.58 ilitha, kuye ngokuthi izinga lingakanani.

URobert Maake womnyango uthi upharafini izokwehla ngo-R5.23 ilitha ezingeni lokuthengisa ngobuningi kanye no-R6.97 ilitha ezingeni lokuthengisa. Uthi ukukhululwa kwentela kaphethiloli yesikhashana okwamenyezelwa ungqongqoshe wezemali ngoMashi sekuphelile.