
UMengameli Cyril Ramaphosa ufisela abantu baseNingizimu Afrika iPhasika elihle neliphephile, okuncike ekutheni izakhamuzi ziziphathe ngokubekezelelana, ngesineke nangenhlonipho kuwo wonke umuntu ezihlangana naye.
UMengameli uRamaphosa udlulisa izilokotho ezinhle ngekhefu lePhasika kumaKrestu ahlukene aseNingizimu Afrika kanye nabanye abantu ezweni lakithi okuzobe kuyisikhathi sabo sokuphumula nokubonana nezihlobo zabo abakade bazigcina.
UMengameli unxusa izakhamizi ukuthi zizinakekele ziphinde zinakekele nabanye abantu emgwaqweni nasezimeni zomphakathi.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba sikhule isibalo sezimoto emgwaqeni emikhulu yakuleli
“Njengoba sithatha uhambo, asinciphise isivinini, sifase ibhande, sizinike isikhathi sokuphumula endleleni futhi singawathinti amaselula ethu ngesikhathi sishayela.
“Masiqinisekise ukuthi izimoto zijhlale zisesimweni esikahle siphinde sigweme isidingo sokugijima siphume emakhaya nasezindaweni zokusebenza kusenesikhathi.
“Lokhu kuzosenza sibe nesineke kwabanye abashayeli emgwaqeni siphinde sithokozele ubuhle bezindawo zethu.
“Lesi sikhathi kumele kube yisikhathi sokunakekelana nokuthula emakhaya nasemiphakathini yethu.
“Sengathi lesi sikhathi kungaba yisikhathi sokugubha kanye nokuvuselelana onyakeni.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
