
Icala elibhekene nabasolwa abangu-62 abasolwa ngokususa udlame lomphakathi olwenzeka ngoJuly 2021, ezindaweni ezahlukene zaKwaZulu-Natal, libuyele eNkantolo ePhakeme yaseThekwini namuhla.
Kuhlonzwe ukuthi icala selikulungele ukuqulwa, kwabekwa izinsuku okungumhlaka-20 July 2026 kuya ku-21 August 2026 no-24 August 2026 kuze kube wumhlaka-18 September 2026.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuba bavele enkantolo abasolwa ngokuphehla udlame lwangoJuly 2021
Abasolwa babhekene namacala okwakha itulo lokwenza udlame lomphakathi, ukugqugquzela ukwenza udlame lomphakathi, ubuphekula, ukuvukela umbuso, kanye nokwakha uzungu lokubulala.
