ANC: Ukushintshwa kwegama lase-KZN kumele kulandele inqubo yomthethosisekelo

I-African National Congress KwaZulu-Natal ithi noma yisiphi isiphakamiso sokushintsha igama lesifundazwe kuzodingeka sihambisane nenqubo yomthethosisekelo neyomthetho.

Lolu daba lube wudaba olubesematheni kusukela iNkosi yamaZulu uMisuzulu kaZwelithini yaphakamisa ukuthi iNatal isuswe egameni lesifundazwe.

I-IFP izwakalise ukuweseka umbono iwuchaza njengokuthi ufike ngesikhathi futhi wesekelwe emlandweni.

Iqembu lithi igama lamanje liyisivumelwano esingabonisi ngokugcwele ukubaluleka koMbuso wamaZulu.

OLUNYE UDABA: I-IFP yeseka iSilo ngokushintshwa kwegama lesifundazwe sase-KZN

Khonamanjalo uMike Mabuyakhulu ongu-provincial coordinator we-ANC uthi iqembu alinankinga negama lamanje.

Uthi kufanele kugxilwe kakhulu kulokho okuhlanganisa abantu baseKZN. UMabuyakhulu ubekhuluma izolo ngemuva komhlangano wethimba lomsebenzi wesifundazwe.

“Noma ngubani ofuna ukubeka ingxoxo etafuleni kuzodingeka agxile ezinqubweni zomthethosisekelo kanye nezinqubo zomthetho ngoba akuyona inqubo enganqunywa yinoma ubani.

“Ngokunquma ukuthi ngifuna ukushintsha igama futhi i-ANC izohlanganyela kuleyo nqubo ngaleso sikhathi, uma leyo nqubo ifika.”

“Futhi, leli gama laliwumphumela wokuvumelana.”

Newswatch