Kubikwa ukuthi ezokuphepha eziphoqe ukuba uBester noMatlala bayogcinwa ejele eliseKokstad

UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo, uthi isinqumo sokudlulisela umbulali olahlwe yicala uThabo Bester kanye uVusimuzi “Cat” Matlala osolwa ngokuba ngungqondongqondo wobugebengu sisekelwe ekuhlolweni kubanzi ngokwezinsongo nobungozi.

Laba bobabili basuswa ejele iKgosi Mampuru II Correctional Centre (C-Max) ePitoli bahaniswa eBongweni Super-Maximum Correctional Centre eKokstad.

UMatlala, obhekene namacala okuzama ukubulala abandakanya intombi yakhe yangaphambilini uTebogo Thobejane, wahanjiswa ngoDecember 2025, kanti uBester yena uhanjiswe ngomhlaka-30 January 2026.

OLUNYE UDABA: ‘UCat Matlala’, nasolwa nabo babuyela enkantolo

UKhomishana kazwelonke wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uMakgothi Samuel Thobakgale uthe ukudluliselwa kwalezi zimilo kwakudingeka ngenxa yokuhlaziywa okuqhubekayo kokuphepha kanye nezinsongo.

“Senza ukuhlolwa kwezingozi kanye nosongo nsuku zonke maqondana nezinhlelo zethu kanye nazo zonke iziboshwa ezihlala ezindaweni zethu,” kusho uThobakgale.

“Lokhu kuhlaziywa kuba yingxenye yohlelo lokuphepha lwansuku zonke olwakhiwe yisikhungo ngasinye. Ukudluliselwa kukaMatlala noBester kwenziwe ngokutholakele.”

TimesLive