
Umsunguli wenhlangano iMarch and March, uJacintha Ngobese-Zuma, uphika noma yikuphi ukwenza okubi ekuholeni imibhikisho ngaphandle kwesikole samabanga aphansi eThekwini i-Addington Primary School, ecela ukuba abafundi baseNingizimu Afrika bathole izikhala ezikoleni.
UNgobese-Zuma ubekhuluma ngaphandle kwesiteshi samaphoyisa sasePoint lapho yena nomyeni wakhe ongummeli, uXolani Zuma, belinde ukuthola imininingwane eyengeziwe mayelana necala lokugqugquzela ukwenza udlame abakholelwa ukuthi libekwe yena.
OLUNYE UDABA: Inhlangano i-March and March isola i-SAHRC ngokubeka phambili abantu bokufika
Namuhla umyeni womholi weMarch and March ukuqinisekisile ukuvulwa kwecala elibhekene noJacinta Ngobese-Zuma lokugqugquzela udlame kulandela amamashi abelokhu ekhona ngaphandle kwesikole samabanga aphansi i-Addington Primary ePoint belwelwa ukutholela izingane zakuleli izikhala zokufunda ezikoleni zakuleli bethi kubekwa phambili izingane zabokufika kuleli.
