
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athole izidakamizwa zemali elilinganiselwa ku-R10 million, abopha indoda yokufika kuleli eneminyaka engu-37 ubudala ngesikhathi kunomkhankaso obuholwa ngabezobunhloli eQuarry Heights eThekwini ngomhlaka-25 June 2025, ngoLwesithathu ntambama.
Amaphoyisa angamalungu ophiko lweProvincial Drugs and Firearms Unit asebenza ezobunhloli ngendoda edayisa izidakamizwa, nangempela umsolwa watholakala nezidakamizwa.
OLUNYE UDABA: ISITHOMBE: Kutholakale izidakamizwa esithuthuthwini i-Uber eat
Olunye uphenyo luholele amaphoyisa endaweni yokuhlala ekuCaters Street lapho kutholwe khona ezinye izidakamizwa zohlobo lwe-heroin, i-crystal meth ne-cocaine.
Umsolwa uphinde watholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu ezingu-47.
Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini maduze ngamacala okudayisa izidakamizwa kanye nokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
izithombe:








Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
