
Zitholwe ngenkulu impumelelo izimoto ezimbili ezebiwe namuhla endaweni yaKwaMashu ngokubambisana kwamaphoyisa ophiko lwezinja i-SAPS K9 Units, ngabe-KZN VIP Security, yiMarshall Security kanjalo nabama-tracking agents azinikele.
Imoto yokuqala etholiwe ngeyohlobo lweToyota Starlet emhlophe ngokwebala, eyebiwe endaweni yaseMbilo. Le moto itholwe ngokulandelwa komkhondo wayo idlula eduze kwaseBridge City. Ngenxa yokulandelela kahle nokuxhumana ngokushesha, ibe isitholwa eseduze naseBridge City Mall.
Ngemuva kwesikhashana kube sekwebiwa imoto yesibili yohlobo lweKia K2700 eliveni elimhlophe ku-9th Avenue eMorningside, eThekwini.
OLUNYE UDABA:Kuboshwe owokufika ngokutholakala nezidakamizwa zika-R10 million eThekwini
Le moto ilandelelwe nge-tracker iesigcemeni sakwa-D KwaMashu, lapho isheshe yatholwa ngabe-Marshall Security, KZN VIP Security nabakwa-Tracker.
Kuzo zombili lezi zigameko, izisulu zakhethe ukungawavuli amacala emaphoyiseni ophiko lwe-SAPS, izimoto zabuyiselwa kubanikazi bazo.
Kepha, kunxuswa zonke izisulu zokwebiwa kwezimoto ukuthi zivule amacala obugebengu ukuze kuvunyelwe abomthetho ukuba benze uphenyo olufanele futhi babhekane nengalo yomthetho labo abathintekayo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
