Izangoma zezulu zithi amazinga okushisa azokwehla kule mpelasonto

Njengoba amakhaza eshuba ezingxenyeni ezithile zezwe, izangoma zezulu eNingizimu Afrika sezikhiphe izexwayiso ezimbili ngesifundazwe saKwaZulu-Natal.

Kunesexwayiso sika-Level 1 esinomoya omkhulu ongadala umonakalo ezindaweni ezisogwini phakathi kwasePort Edward naseCape Vidal.

Lokhu kungaholela ekuphazamisekeni kwamachweba amancane isikhathi esifushane kanti nemikhumbi emincane isengcupheni yokucwila.

Kuphinde kube nesexwayiso sika-Level 2 mayelana nemimoya omkhulu ongadala umonakala ezindawni zokuhlala abantu ezimaphakathi nentshonalanga yesifundazwe.

OLUNYE UDABA: Umonakalo odalwe yisimo sezulu esibi uphazamise ukufunda ezikoleni zase-KZN

Eminye imizila yezokuthutha nezinsiza zokuhamba cishe zizothinteka kulo umoya noma kube nezihlahla eziwayo.

Isangoma sezulu, uMasego Nhlapho weluleka izakhamizi ukuba zithathe izinyathelo ezifanele zokuzivikela.

Uthi iKZN ingalindela ukuthi amazinga okushisa ehle ngoLwesihlanu.

“ Silindele amathuba angu-30% emvula ezindaweni ezisempumalanga ye-KZN.

“Ngokwamazinga okushisa kulindeleke ukuba ehle ngoLwesihlanu lapho kuzobanda khona ezindaweni ezisentshonalanga ye-KZN, bese ezindaweni ezisempumalanga ye-KZN kulindeleke ukuba izulu liphole.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)