
IBafana Bafana inyuse amathuba ayo okungena kwi-2026 FIFA World Cup eMelika. Ihlule osokhaya iBenin ngo 2-0 emdlalweni ka-Group C odlalwe eFélix Houphouët Boigny Stadium e-Abidjan ngoLwesibili ebusuku.
Ukunqoba kusho ukuthi basahlezi esicongweni ngamaphuzu angu-13 emidlalweni eyisithupha, basele ngamaphuzu amahlanu kuBenin neRwanda.
OLUNYE UDABA: IBafana Bafana ihlule iLesotho kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba
Kodwa iNingizimu Afrika ingase ibhekane nesimo sokuphucwa amaphuzu kuFIFA, kulandela iphutha elenzeke emdlalweni wangoLwesihlanu idlala neLesotho.
Umqeqeshi u-Hugo Broos ukhiphe umdlali wasesiswini uTebogo Mokoena, yize lo mdlali wasesiswini athole amakhadi amabili aphuzi (yellow card) emidlalweni edlule yokuhlunga.
ILesotho ifake isikhalazo ku-CAF naku-FIFA, kodwa ngemuva komnqamulajuqu wamahora angu-24 isinqumo besingakaphumi.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
