Ikomidi lezempilo likhathazekile ngesimo sezikhungo zezempilo eKZN

INational Portfolio Committee on Health isizwakalise ukukhathazeka ngezikhungo zezempilo KwaZulu-Natal.

Njengamanje ikomidi likulesi sifundazwe lizohambela izikhungo zezempilo eziningi ngemuva kokuthola izincwadi zezikhalazo ezivela kumalungu omphakathi.

Izakhamizi zaseGamalakhe ngasePort Shepstone lapho leli komidi livakashele khona, zithi zivame ukulinda usuku lonke kolayini abade kusukela ekuseni bese zijikiswa zingalutholanga usizo, kanti ezinye zakhala ngempatho abayinikwa ngabanye abasebenzi.

OLUNYE UDABA: Siyanda isibalo sabantu abatheleleka ngesifo samatele eKZN

Kube nokukhathazeka mayelana nezinsiza ezingezinhle kanye nokushoda kweminye imithi ezikhungweni zezempilo zikahulumeni esifundazweni.

USihlalo weKomidi lezeMpilo, uDkt Sbongiseni Dhlomo uthi, “Amanye amalungu omphakathi asibhalela mayelana nezinselelo ezimayelana nesimo sabasebenzi, ukushoda kwemithi, sizothola izimpendulo eziqondile namuhla. Asikwazi ukuhamba eKZN ngaphandle kokuyobheka lapha kwa-forensic pathology services, njengamanje siya ePark Rynie siye nasePhoenix ngoba kuhlezi kunezidumbu ezingapgezu kwenkulungwane ezingatholakali kulawo makhaza.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEdit

One thought on “Ikomidi lezempilo likhathazekile ngesimo sezikhungo zezempilo eKZN

  1. **mitolyn**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *