IZITHOMBE: Kubongwe umphakathi ngababoshelwe ukweba udizili eMbumbulu

Kuboshwe amadoda amabili eSawpits, eMbumbulu, kuWadi 96, eningizimu yeTheku.

Lokhu kuza ngemuva kokuba uphiko lwe-Integrity and Investigations kuMasipala weTheku libambe beba udizili.

Abaphenyi bebekule ndawo kulandela ukuthola imibiko emayelana nenqwaba yabashayeli bamaloli ababonakala bethulila udizili.

UJimmy Ngcobo onguMqondisi wophiko lweCity Integrity and Investigations Directorate, uthe la basebenzi bazimisele ngokuqola uMasipala, echaza.

Kuwavulwa icala lokweba udizili esiteshini samaphoyisa saseMbumbulu kanti abasolwa sebevelile enkantolo.

“zigilamkhuba zatholwa emzini othile zimatasa zithulula udizili. Kuyacaca ukuthi bebeza njalo kulo muzi. Bekunezigubhu ezigcwele udizili ongamalitha angu-9.25, ashaqwe kule ndawo adluliselwa emaphoyiseni njengobufakazi,’ kusho uNgcobo.

OLUNYE UDABA: Kunxuswa umphakathi ukuba ubike ngobukhonyovu nenkohlakalo kulandela ukuboshwa kowebe udizili

“Udizili ubudayiswa kabusha ngemali engu-R400 kanti ubudayiselwa omunye umnikazi weloli wakhona endaweni. Izigilamkhuba zibe sezizama ukufumbathisa abaphenyi ngo-R50 000 kodwa zangaphumelela,” kuqhuba uNgcobo.

Kuzwakale nokuthi la madoda amabili njengalawo abevele ephenywa ngodaba lokudayisa amanzi, oyedwa ungumshayeli weloli lamanzi kanti omunye uyilungu lekomidi lewadi.

UNgcobo ushayele umhakathi ngesenzo sawo sokubika ngalobu bugebengu, wathi la madoda ngabe awakwaboshwa namanje.

Umphakathi uyacelwa ukuba ubike ngenkohlakalo nokukhwabanisa ngokushayela inombolo yocingo ethi-0800 20 20 20 noma uthumele i-email ku- ombuds@durban.gov.za.

Izithombe:

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)