
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema ukunqabile ukuqokwa kwakhe njengosihlalo wekomidi lesikhashana ePhalamende elisanda kusungulwa elijutshwe ukuphenya ngezinsolo ezibucayi ezivezwe nguKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uNhlanhla Mkhwanazi.
Leli komidi libe nomhlangano walo wokuqala ngoLwesibili lapho kuqokwa khona usihlalo walo bese liqala nokubeka isisekelo sophenyo.
Umhlangano ulandele ukuqokwa ngokusemthethweni kwamaLungu ePhalamende aqokelwe ukuba asebenze ekomidini.
OLUNYE UDABA: UZuma ubhalele uRamaphosa incwadi efuna izimpendulo ngolukaSenzo Mchunu
Ukuqalwa kwekomidi lesikhashana kuza ngemuva kokuban iNational Assembly yemukele umbiko ohlanganiswe yiPortfolio Committee on Police kanye nePortfolio Committe on Justice and Constitutional Development.
Lo mbiko uphakamise ukuthi kusungulwe uhlaka oluzimele oluzophenya ngezinsolo ezenziwa nguMkhwanazi.
Amakomidi womabili ePhalamende aveze ukuthi uphenyo kumele luphothulwe zingakapheli izinsuku ezingu-90 kusungulwe ikomidi lesikhashana.
Nakuba kunjalo, babone ukuthi kuzoba nesidingo lapho kuzomele kuchitshiyelwe lesi sikhathi noma siqutshezwe uma kunesidingo.
Amalungu ePhalamende aphinde agcizelela ukubaluleka kokuqinisekisa ukuthi ikomidi linezinsiza ezanele, okubalwa kuzo ukufinyelela kochwepheshe bangaphandle bezobunhloli kanye nezomthetho.
Emhlanganweni wangoLwesibili, uSotswebhu we-ANC uMdumiseni Ntuli uqoke ilungu le-ANC ePhalamende uMolapi Soviet Lekganyane ukuthi abe ngusihlalo wekomidi.
ULekganyane ukwamukele ukuqokwa kwakhe.
Ngemuva kwesikhashana, ilungu le-MK Party uDavid Mandla Skosana liphakamise uJulius Malema kulesi sikhundla. Nokho umholi we-EFF wenqaba ukuphakanyiswa kwegama lakhe.
UMalema uphendule ngokuthi: “Ngiyabonga ngokuqokwa kodwa angitholakali.”
U-Lekganyane wabe esekhethwa ngaphandle kokuphikiswa.
Umsebenzi waleli komidi ulandela isithangami sabezindaba esasibanjwe uMkhwanazi ngenyanga edlule.
UMkhwanazi wenze izinsolo ezingezinhle ngoNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu, njengamnje obekwe kwilivu eyisipesheli nguMengameli uCyril Ramaphosa kanye neSekela likaKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke obhekene nokutholwa kobugebengu, uShadrack Sibiya.
UMkhwanazi usole laba bobabili ngokwakha itulo lokuhlakaza ithimba lamaphoyisa ophiko lweSouth African Police Service (Saps) elijutshwe ukuvikela abantu abahlobene namaqembu obugebengu, phakathi kwezinye izinsolo ezibucayi.
Ngaphezu kwalokho, sekusungulwe ikhomishana yophenyo ezobhekana nezinsolo zikaMkhwanazi futhi izoholwa yilowo owayeyisekela lenhloko yamajaji uMbuyiseli Madlanga.
Ikhomishana yakwaMadlanga izophenya ngezinsolo zobugebengu, ukugxambukela kwezombusazwe kanye nenkohlakalo ezikhungweni ezibalulekile ezifana nophiko lwamaphoyisa i-SAPS, uphiko lwezokushushisa lukaZwelonke kanye noPhiko Lwezokuphepha Lombuso, phakathi kwezinye.
Iphinde inikezwe amandla okubiza abantu ngamunye ukuze bafakaze, phakathi kweminye imisebenzi, ngokwemibandela yereferensi eshicilelwe kugazethi kahulumeni
Ikhomishana kulindeleke ukuthi yethule umbiko wokuqala ezinyangeni ezintathu kanye nombiko wokugcina zingakapheli izinyanga eziyisithupha ibunjwe.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
