
Isidumbu sikaMojalefa Savhuli oneminyaka emithathu ubudala sesitholakele.
Umzimba walo mfana utholwe emfuleni eRoodepoort ngoLwesine ngezithuba zabo-08:00.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGauteng uLieutenant Mavela Masondo ukuqinisekisile lokhu.
UMasondo uthi imbangela yokushona kwengani ayikaziwa kodwa uphenyo luyaqhubeka.
“Sivule icala ukuze kuphenywe ukuthi kwenzekeni, asinaso isiqiniseko sokuthi ingane ibulewe ndawana thize yalahlwa kuleli damu noma iminzile yini,” echaza.
OLUNYE UDABA: Kufunwa ingane, 3, eduke ilandela ezinye kuyiwa esitolo
Umntwana wanyamalala ngeSonto, ngesikhathi elandela ezinye izingane kuyiwa esitolo sasendawo.
Lesi sigameko sisuse omkhulu umsindo, amalungu omphakathi esola amaphoyisa ngokuhudula izinyawo.
Kodwa uMasondo umile kwelokuthi bebe phezu kwalo leli cala futhi kade bemthungatha umfana omncane.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEditEdit
