IZITHOMBE: Kushone abasolwa ababili kudutshulwana namaphoyisa oVongo

Kudutshulwe kwabulawa abasolwa ababili ngesikhathi kudutshulwana namaphoyisa endaweni yamaphoyisa yaseMargate endaweni yasoVongo, kwatholakala izibhamu ezinhlanu ezingekhomthethweni okubalwa nezibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK47.

Amaphoyisa abethungatha abantu abasolwa ngokuphatha izibhamu ezinekho emthethweni.

OLUNYE UDABA: Kushone 3 wabasolwa kudutshulwana namaphoyisa eNewlands West

Amaphoyisa abe esesondela emzini othile abe esezisho kodwa kwangaphendula muntu ngaphakathi.

Amaphoyisa athe engena kulo muzi, abingelelwa ngenhlamvu ngabasolwa ababili. Amaphoyisa abe eseziphindiselela, abasolwa bashona.

Kutholakale izibhamu ezimbili zohlobo lwe-AK47 kanye nezibhamu ezintathu.

Awekho amaphoyisa alimalile ngesikhathi sokudubulana.

IZITHOMBE: