Uwaphike wonke amacala abhekene nawo uFannie Nkosi

Ilungu le-Organised Crime Unit elimisiwe, uSergeant Fannie Nkosi, utshele iNkantolo yeMantshi yasePretoria North ukuthi uzowaphika wonke amacala abhekene nawo.

UNkosi waboshwa ngomhlaka-2 April ngemuva kokuhlaselwa endlini yakhe ePitoli. Ubhekene namacala okweba, ukuphambana nengalo yomthetho kanye nokuba nezinhlamvu neziqhumane ngokungemthetho.

OLUNYE UDABA: Ubaba ka-AKA akeneme neze ngokusakazwa kwemizuzu yokugcina yendodana kwiKhomishana kaMadlanga

UNkosi wethule ubufakazi kwiKhomishana kaMadlanga izinsuku eziyisishiyagalombili mayelana nokuxhumana kwakhe namalungu asolwa ngobugebengu uVusimuzi “Cat” Matlala noKatiso “KT” Molefe.

Encwadini efungelwe, uNkosi uphikile ukuthi weba amadokodo atholakale kuye.

SABC