Bulinganiselwa ku-R3 million ubucwebe obutholwe kuboshwa abasolwa ngokubamba inkunzi eMhlanga

Amaphoyisa aKwaZulu-Natla abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kwengu-20 nengu-44 ubudala endaweni yaseMlazi kulandela isigameko sokubanjwa inkunzi kwesitolo sobucwebe enxanxathela yezitolo eseMhlanga ngeSonto lwangomhlaka-12 April.

Ngesikhathi beboshwa kutholakale impahla okusolwa ukuthi yebiwe kulesi sitolo.

Amaphoyisa ngesikhathi ephenya, athole imininingwane ebucayi yokuthi abasolwa bebefuna umuntu ozothenga impahla eyebiwe kulesi sitolo eMlazi.

OLUNYE UDABA: Abesifazane babhekene nelokweba ubucwebe obubiza izigidi esitolo esiseGateway

Amaphoyisa ophiko lwe-Provincial Murder and Robbery Unit kanjalo nethimba i-EThekwini District Task Team alusukumele ngokushesha nangobuhlakani lolu daba ababela eMlazi ukuyothungatha abasolwa.

Amaphoyisa abophe abasolwa abahlanu namuhla ekuseni. Ngaleso sikhathi, kutholakale ubucwebe obulinganiselwa ku-R3 million kanye nezingubo, amakhadi asebhange nama-router eselula.

Abasolwa ababoshiwe babhekene necala lokuphanga ibhizinisi kanye nokuzama ukubulala.

Bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesithathu, lwangomhlaka-15 April 2026.

Uphenyo lusaqhubeka.

IZITHOMBE: