
USihlalo kazwelonke we-ANC uGwede Mantashe uthi abantu abangasebenzi sebethembele kakhulu kuhulumeni esikhundleni sokufaka izicelo zemisebenzi.
Ekhuluma nabezindaba ze-SABC, uMantashe uthe i-ANC yenze iphutha ngokubeka lokho akuchaze ngokuthi “umphakathi ohlinzekwa ngezinsizakalo” lapho izakhamuzi zilindele khona ukuthi uhulumeni azihlinzeke ngakho konke ngaphandle kokubamba iqhaza emphakathini.
“Sandise umbono wokulethwa kwezidingo zomphakathi lapho abantu bagoqe izandla, bathamele ilanga, belindele ukuthi umbuso ubalethele, ekubeni abantu bengazobandakanyi ezintweni zomphakathi,” kusho uMantashe.
OLUNYE UDABA: UMantashe utshele ongqongqoshe ngokuthi imali yabo yileyo yeholo labo kuphela
“Uma abantu bethu bengazibandakanya, sizoba yizwe elingcono. Iphutha esalidala siyi-ANC, ngiyalivuma, kuyilapho esakha khona umphakathi ohlinzekwa ngezinsizakalo esikhundleni sokuqinisekisa ukuthi ubamba iqhaza.”
Izinga lakamuva labangasebenzi elisemthethweni lingu-31.9% (okubalwa kuphela kulo labo abafuna umsebenzi ngenkuthalo).
Uthe abantu baseNingizimu Afrika kudingeka bashenxe ekuncikeni kuhulumeni basukume ukuze kuxazululeke izinselele zwezwe.
UMantashe uthi namuhla uneminyaka engu-70 ubudala kodwa akakaze nangelilodwa afunelwe wuhulumeni umsebenzi. Uthi umuntu uyaphuma endlini ayofesa aphathe imfanelo akhe.
