
Johannesburg – Johannesburg – UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, usefikile eSoshanguve, ePitoli lapho kudutshulwe khona abeqaphi abahlanu kwalimala abayisishiyagalombili emijondolo ekuseni ngoMgqibelo.
Amaphoyisa athi amalungu e-Community Policing Forum (CPF) abehlangene ngaphambi kokuqala umsebenzi wawo njengenjwayelo ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda amahlanu abehlome ngezibhamu emigwaqweni yasemjondolo yaseMarry Me.
OLUNYE UDABA: UMchunu usigxekile esokuhlaselwa nokubulawa kwabaqaphi bomphakathi eSoshanguve
Kubikwa ukuthi kwabe sekuqubuka ingxabano eyaholela esigamekweni sokudubula ngezithuba zabo-03:00 ekuseni ngoMgqibelo.
Kubikwa ukuthi sekushone ilungu le-CPF lesithupha esibhedlela.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
